Ubulawu and its uses
Emakhosini👏👏
Namuhla akesibheke ubulawu nemisebenzi yawo. As you are well aware, miningi imithi that fall under the category "ubulawu" hence it would take forever to list them all. However based on my little knowledge and experience, I trust that this will shed some light on the few that I have managed to list down.
Uhlunguhlungu
Izimpande ziyaphalwa isichongco siphalazele ukuxosha imimoya emibi nolulungisa igazi. Siyathandwa abalozi nezangoma sinikeza umzimba amandla ngokuqabula umzimba.
Ubhubhubhu
Izimpande ziwubulawu begazi ziyaphalaza zibe isichongco esiphehlwa ngothi lwephahla kuphume igwebu eliningi. Siyaphuzwa siphalaze sihlele yonke imizwa nemendlalo yesisu, sikhiphe intuthu esinyeni ebanga inzululwane nokusangana kwenqondo nalabo abasuke benomhayizo.
Umhlambamanzi
Izimpande zalomuthi ziwubulawu bokubuyisa idlozi. Zenza idlozi lichache inkulumo yalo nxa likhuluma ephusheni ebusuku.
Umoyawezwe
Inkashankasha yezimpande zalomuthi ziwubulawu obukhulu bezangoma obenza ikhanda lesanusi lisheshe ukuthola umkhondo nxashana sivumisa.
Ungibonisele
Impande yalomuthi isichonco sayo siphalazela ukuqabula umzimba sicacisa igazi namaphupho siwumuthi wedlozi okhanyisa izindlela. Uyathandwa izinyanga nezangoma.
Unginakile
Izimpande zqlomuthi ziwubulawu begazi. Ziba umuthi ophalazayo, ukhamba lwazo luba negwebu eliningi, luhlela kahle inyongo esibindini lunqande izithunzi ezimbi. Lucacise amaphupho... Lomuthi uthandwa kakhulu ngabantu abangamasoka, lingumuthi wobusoka.
Iphahla
Izimpande zalomuthi ziwubulawu begazi obuvuselela yonke imizwa. Isichongco sokhamba lwazo siyathandwa izangoma, siyachamisa sigeze izinso nesinye neqolo. Uthi lwalomuthi kuye kuphehlwe ngalo ubulawu.
Iphophoma
Izimpande Zalomuthi zingu mhungulo nobulawu hedlozi. Ziye zibe isichongco esiphalazayo esiqabula umzimba, nomoya ubenephunga elithaphuka lizwakale kamnandi. Sixoshe amaphupho angamawongo wongo, zingene nakweminye imithi elungisa isithunzi.
Ishobalehashi (Ungqengendlela):
Lomuthi ungobukhulu ubulawu bokuphalazela ubulomo nobusoka. Wenza igazi libe lihle lithandwkw, kanti igwebu lawo liyisimonyo esinamandla esidala ubuso bubukeke bukhanya inhlali. Izimpande ziwubulawu bedlozi. Uyathandwa izangoma nabalozi.
Love, Light and Blessings!

<script data-ad-client="ca-pub-4106227088418474" async src="https://pagead2.googlesyndication.com/pagead/js/adsbygoogle.js"></script>
Ndicela ukubuza isilawu samampondo faku, othahla, ondayeni .
ReplyDeleteNondlovu, Zidlekhaya, Mntungwa ugengezi, malunga.
Onzaba
Makhosi amakhulu ngiyezwa lana nango bulawu njengoba ubuchaza ukuthi busebenza njani...!!
ReplyDeleteMina ngine nkinga enginga sizeki ngayo isithunzi somuntu esangena nge window esikolweni ngiffunda sasitha i black board kwaba mnyama ngibhekile kuze kube yimanje impilo yami kumnyama ngihluleka kungena sidingo kodwa engiba tip ngempilo noma ngenginga baya phumelela bese bahambhela kude nami engikwenzayo akuna mbhuyiselo yobuhle...!!
Sengizame abaningi ngokuthi bangisize kodwa lutho kuphela nje ngibhadalela ize nje zeros...!! Ikakhulukazi uTOKOLOSHE lelo DEMON lelo yilona bhangela enkulu abakhoni ukungisiza ukuthi asuke 'mpilweni yami uyabahlula ngempela...!!
Angazi ake ngibuze ungangisiza ukususa noma ukukhipha lobumnyama bale DEMON lo TOKOLOSHE...!! 👹👽😱😵
Hamba ku Dr Khehlelezi
DeleteUkephi mntanethonga
Delete