Posts

Showing posts from May, 2014

Amanzi Amnyama

What is “Amanzi amnyama”?– This is a situation where abangasekho are in complete misery and have no good communication amongst themselves and their human families. This situation could be deliberately brought about by someone with the aim of creating instability among the living, the dead or both. Lolu wuhlobo lokuthakatha olwejwayelekile ukwenzeka ozalweni Iwasibongo sinye olumonazelanayo noma olungezwani. Kuyenzeka kubekhona oyedwa nje ozalweni ozokwenza lolu hlobo lokuthakatha, ethakatha abantu bozalo Iwakhe. Uma ephehla amanzi amnyama usuke ephendula amadlozi ngokusebenzisa inhlabathi yamathuna ayihlanganise neminye imithi emibi ukuze amadlozi akubo alufulathele uzalo. Ngalolu hlobo lokuthakatha usuke ewaluthe ngendlela·yokuthi abheke yena yedwa kumbe yena nomndeni wakhe, amenzele izinhlanhla, amvikele emikhuhlaneni nasemashweni. Uzalo-ke lapho alulungelwa lutho, kuba mnyama konke kulo kuzekuyobheda nasenzalweni imbala. Imisebenzi yamanzi amnyama ibonakala ngokuthi kuy