Ukuhluka Kwamabhayi / Differentiating Amabhayi

Traditional Healers/Izangoma are known to wear or drape themselves with different coloured amabhayi. What most people don’t know is that isangoma doesn’t just choose which ibhayi/amabhayi he or she will use and wear as this is determined and defined by the spirits that possess them. Abelaphi bendabuko banezingubo abazigqokayo uma beqhuba umsebenzi wabo wokwelapho. Lezingubo noma izimpahla ziyakwazi ukuthi zibaveze njengabantu abenza lomsebenzi ngoba azigqokwa yinoma ngubani. Lapha sizobheka ukuhlukana kwazo lezingubo ngemibala nokuthi zichazani. Abelaphi bendabuko bahlanganisa izangoma, izinyanga nabathandazi. Kukhona labo abaneziphiwo eziningi umuntu eyedwa njengokuthi omunye abe yisangoba aphinde abe ngumthandazi. Ngokuhlukana nangokusebenza kwabo kunezimpahla zokugqoka abazisebenzisayo.


  1.  Uma umuntu egqoka ibhayi elibomvu elinamahawu (red with shields) it is believed that usuke engenwe amakhehla (unendiki). Idlozi lakhe kusuke kungoyise mkhulu.
  2. Ibhayi elikuhlaza okwesibhakabhaka (blue) umuntu usuke engenwe yizakukazi (nendawo).
  3. Uma emuntu egqoka okusabende (maroon) usuke eyisangoma esikhulekayo noma esithandazayo.
  4. Uma umuntu efaka eliphuzi nokuluhlaza okwesibhakabhaka(yellow and blue) (ongumthandazi) lona ukuphethe kokubili Isangoma esinesithunywa sifaka ijazi noma ibhayi lengwe.
  5. Uma efake ingubo eyimpangela nebhayi elibubende,usuke exubile esebenza ngo gogo nomkhulu
  
L    Lezimpahla zigqokwa uma umuntu esebenza noma enza into yedlozi kungabe uyomba imithi noma uyahlola noma ekhuleka noma kukhona angakuboni kahle. Ngesikhathi umuntu eseyisangoma uphatha ishoba omunye uma engenwe amakhehla ayamtshela ukuthi aphathe ihawu noma engowesifazane uyaliphatha, noma eya emcimbini aliphathe agiye ngalo.

Comments

  1. Kuyenzeka ukuthi isithunywa sikukhulise ekhaya lakho na? Siveze iziphika esizifunayo ngamaphupho, sikusebenze ulele entathakusa?

    ReplyDelete
  2. I would love know the meaning of amabhayi,unfortunately i dnt know isizulu-ke mopedi. For the sake of others like me,if is possible please translate to english

    ReplyDelete
    Replies
    1. masala goba ancestral attire

      Delete
    2. Can you please explain to me ka njeti echo goreng

      Delete
  3. i would love to to know and understand the meaning,but i am not good in Zulu,may you please explain it in English.

    ReplyDelete
  4. do amabhayi wamaphupho have the same colour meanings?

    ReplyDelete
  5. elimhlophe lona lishukuthini?

    ReplyDelete
  6. Emakhosini.Mina ngicela ukubuza ukuthi uma uphupha ibhayi eliluhlaza(green)ngabe kusho ukuthini.

    ReplyDelete
  7. What do we call amabhayi in English ?

    ReplyDelete
  8. What do we call amabhayi in English ?

    ReplyDelete
  9. Hallow ngcela kubuza kuthi amabhayi enyoka ahlukene kangakhi?

    ReplyDelete
  10. Uma uphupha ulwandle namanzi nenyoka yasemanzini then uphuphe ugogo othi kumele uthwase then usebenzise ibhayi elinengwe elibomvu kusho ukuthini konke lonke

    ReplyDelete
    Replies
    1. it simply means that kumele uhambe uyothwasa.We must stop confusing ourselves because esikhathini esiningi these things are as clear as day light.

      Delete
  11. Thokoza kusuke kwenzakalani mangabe ukhulelwa singabonakali kwabamhlophe.

    ReplyDelete
  12. Thokoza mina bengicela ukwazi ukuthi uma uphuphe umuntu okumele akusize ngokwedlozi akuthwasise umtshele uyikhiphe nemali ayifunayo kodwa angakusizi after that,its been years and mawuya uyohlola inyanga noma lesosangoma beset ngifuna ukukuthwasisa.

    ReplyDelete
  13. Sanibonani, ngicela ukubuza,kusho ukuthini ukuphupha ingonyama nengwe lena enemigqa (tiger). Bengingalwi nakho, bengikufunela kudla.

    ReplyDelete
    Replies
    1. Ingonyama idlozi ngokwazi kwami okweTiger angazi ke kodwa ngolwazi lwami nokuzwa udaba lwakho kukhona okukhalekayo ekhaya kini emadlozini njengoba ubafunela ukudla nje okushukuthi kukhona lokhu abakucelayo kanti ke kungenzeka futhi ukuthi kubhekiswe kuwe uqobo nguwe okumele wenze lomsebenzi

      Delete
  14. Sanibonani

    Ngicela ukubuza ukuthi uma sewuvumile enhliziyweni yakho ukuthatha umsebenzi wabo gogo bese kuloku kuvela izifo kuma extended families kushoni. Must I continue with the process yoku geza or to wait for a month before ngizo cgubeka

    khisi

    ReplyDelete
  15. Uma uphuphe ibhayi elimnyam nokubomvu lingagqokiwe uwen kusuk kush ukuthin??

    ReplyDelete
  16. Mina ngiphupha amanzi, yihlathi, izinyoka kanye ne bhayi lezangoma. Ngiphinde ngiphuphe isalukazi sami singikhomba isembatho esim'hlophe. I've been dreaming about amanzi ne sembatho esim'hlophe. What does it mean?

    ReplyDelete
  17. Mina into yami ayiqondakali ngake ngaphupha ngo2019 ngikemzini engingawazi last year bengigezisa nge ndishi eyi enamel mangibuya banginika iqhabanga elino red and white ubuhlalu. Kulongaya uqala ngaphupha izangoma eziningi zihamba ngenhla kwasekhaya zifake amabhayi a-blue kanye na red. Omunye wabo wayeme esangeni lasekhaya kungathi babuza indlela. Manje ngididekile ngoba kuyenzek kuphele more than 6months ngingayiphuphi into eqondile kanty abahlolayo bath mele ngiyothwasa but akuveli kuphi noma kanjan.? Sizani ngikhathazekile

    ReplyDelete
  18. Cela ukubuza likhona ibhayi lengwe elinemiqa srips

    ReplyDelete
  19. Sawubona sacela ukubuza, a few years back ngaphupha engathi I'm underneath amanzi , I'm lying on a mat angikwazi nokunyakaza and kushaya izigubhu. The only thing I can move is my head. When I looked to my left there were 3 shadows sitting in front of me and behind them kunebhayi enokuRed , white and black. Problem is whenever ngithi ngiyolibheka lelibhayi I seem to forget it

    ReplyDelete
  20. Thokoza ukuphupha usemanzini nezinyoka kukhona ensundu kanti nofish nokuphupha indoda yamadreads ivimbe indlela liqgoke ijazi legwe nowesifazane eguqile eqoke isembatho sengwe nokuphuma ngingiza nomlungu nokuphupha umkhulu eqgoke ijazi elinesi phbano emuva eguqile nokuphupha ulwandle nokuphupha ngithandaza nokuphupha ngiqhuba imonto kakabomcane ongasekho nokuphupha ngithandaza nokuphupha indwangu ezinimgi ezibomvu nokuphupha izinyoka encane eziluhlaza nokuphupha ngiphekene nenyoka emehlweni eblack and white encane nokuphupha njalo amasilver imali nomangiwina imishini

    ReplyDelete
    Replies
    1. Thokoza

      Is this a question 🤔?

      Delete
    2. Thokoza

      Is this a question 🤔?

      Delete
    3. Makhosi ngicela kubuza mina the meaning yebhavu elibhovu elinequde nebhayi elibhovu elihawu kuthi a chaza kuthini, noma emeleni. Ngybonga

      Delete
  21. This comment has been removed by a blog administrator.

    ReplyDelete
  22. Uma uphupha ibhayi elinenyoka ne cheater ikubhekile,ithetha uthini

    ReplyDelete
  23. Thokozani no Gogo, Thokozani boMkhulu. Mina ngicela ukumbuza lisho ukuthini ibhayi lengwe?

    ReplyDelete
  24. Thokoza, Ngisacela ukubuza ukuth kuchaze ukuthini ukuphupha kthiwa ngizoshada kodwa kthiwa umyeni uyagula... mese kufike umlungu athi angihambe Naye angiyise Kwi waterfall lapho sisuke siphakathr emanzini kube sekuqhamuka inyoka enkulu engathi imnyama kodwa ayingenzi Lutho izihambela phezu kwamanzi

    ReplyDelete
  25. Thokozani,mengisacela ukubuza ukuthi uma uphupha abomama be bencoke iziphika eziyellow namaduku ayellow kusho ukuthi.

    ReplyDelete
  26. Good Morning, I would like to find out what the Red and White Injeti means?
    when do you wear it?

    ReplyDelete
  27. Cela ukubuza ingwe e black and white I represent ini?

    ReplyDelete
  28. Thokoza indwangu eblue isho ukthin

    ReplyDelete
  29. Ngiyabingelela ngicela ukubuza ukuthi lisho ukuthini ibhayi elipurple elinekhanda lebhubesi ngiyabonga

    ReplyDelete
  30. Ngiyabingelela ngicela ukubuza ukuthi kusho ukthini ukuphupha ibhayi elibovu elinamabhubhesi

    ReplyDelete
  31. Sanibonani ngicela ukubuza ukuthi izibilini kuchaza ukuthini

    ReplyDelete

Post a Comment

Popular posts from this blog

IMIMOYA

Ubulawu and its uses