Amanzi Amnyama


What is “Amanzi amnyama”?– This is a situation where abangasekho are in complete misery and have no good communication amongst themselves and their human families. This situation could be deliberately brought about by someone with the aim of creating instability among the living, the dead or both.

Lolu wuhlobo lokuthakatha olwejwayelekile ukwenzeka ozalweni Iwasibongo sinye olumonazelanayo noma olungezwani. Kuyenzeka kubekhona oyedwa nje ozalweni ozokwenza lolu hlobo lokuthakatha, ethakatha abantu bozalo Iwakhe. Uma ephehla amanzi amnyama usuke ephendula amadlozi ngokusebenzisa inhlabathi yamathuna ayihlanganise neminye imithi emibi ukuze amadlozi akubo alufulathele uzalo.
Ngalolu hlobo lokuthakatha usuke ewaluthe ngendlela·yokuthi abheke yena yedwa kumbe yena nomndeni wakhe, amenzele izinhlanhla, amvikele emikhuhlaneni nasemashweni.
Uzalo-ke lapho alulungelwa lutho, kuba mnyama konke kulo kuzekuyobheda nasenzalweni imbala. Imisebenzi yamanzi amnyama ibonakala ngokuthi kuyashonwa kulo mndeni ophehlelwa amanzi amnyama, kushonwa ngezingozi, kumbe abantu bagule isikhathi esifishane bese beyashona, abaganene bayehlukana (bayadivosa), izingane aZigani, ezabafana ziba yimiphuphe nje engaganiwe, zingayitholi imisebenzi, zibe zidakwa ezinye zibhunguke zingezwani nokuhlala emakhaya, abasebenzayo kuyabheda emsebenzini kuvaleke imali nezinhlanhla, kuvaleke namaphupho etc.etc. The list is endless. Le nhlobo yobuthakathi yenzelwa ukuba izitha kanye nenzalo yazo kungavikelwa ngamadlozi okungadala ukuba ivelelwe ngamashwa anhlobonhlobo.

Now, I've come across many people in this state and what puzzled me the most is that in their attempts to remedy their situation bayahlabiswa to appease their ancestors; which is totally wrong because umuntu obhekene nalesimo even if engahlaba, things will not change. Instead abanye complain that things become worse, which is not surprising at all. 

Different healers tend to have different approaches in remedying such a situation and that is fine. But what I want to bring to light is that the remedying of this state/situation is totally possible and not very complex either. Yes it can be costly mainly because of the number of herbs involved, the time it takes to prepare them etc.



Comments

  1. How do i get rid of such being that i myself am inyanga and have heeded the calling and seem to be going through this personally.i need to get rid of this

    ReplyDelete
    Replies
    1. Amanzi Amnyama >>>>> Download Now

      >>>>> Download Full

      Amanzi Amnyama >>>>> Download LINK

      >>>>> Download Now

      Amanzi Amnyama >>>>> Download Full

      >>>>> Download LINK 3r

      Delete
  2. ake nisize,sengizame kaningi ukulapha lesisifo, nobaba wazama sisebancane, kodwa njalo masiphenya kuvela la manzi amnyama.how do I deal with this or who can remedy this.

    ReplyDelete
    Replies
    1. Please send me an email on gogo.nomalanga@gmail.com

      Delete
    2. Mangizwa indlela ochaza ngayo, mina bengizothi awuke ubhekisise egcekeni kini. Nami ngangisesimweni esinjengesakho. Ngophoxeka kakhulu ukuthola ukuthi kwenziwa ubaba ongzalayo, naye wakuthatha kuyise

      Delete
    3. Kumele, Same day STEP1. Khipha yonke imimoya emibi ekhaya niyoyakhela esigageni 2. Omunye asale echela ngentelezi egcekeni mabeqeda ukuphuma abayolahla , mabebuya abachele ngaphambi kokuthi bangene ekhaya 3. Niyaphuma nonke ekhaya niyogeza ehlane, ukususa yonke insila yobuthakathi namadlozi amabi anamathele emzimbeni yenu 4. Hlambulani idlozi esangweni 5. Fakani idlozi ekhaya 6. Misani ukhamba lamanzi amnyama 7. Bonke ekhaya baqiniswe 8. Kubethelwe umuzi 9.kunemithi thizeni esetshenziswa ukumisa ukhamba lwamanzi amnyama bese ligovuzwa ngomkhonto for 7 days, niyagabha, niyageza ngalo ngabo 3h00 am, bese ntambama nigqume ngalo. STEP2 AFTER 7 DAYS seniqedile ngokhamba lwamanzi amnyama ngosuku lesi 8: kuMisa ukhamba lwamanzi amhlophe kulo awusasebenzisi umkhonto, uphehla nomakugaba isihlahla sempenjisi kodwa kube isihlahla esidliwayo, nakhona uyaphalaza, ugeze ekuseni 3h00 am for 7 days, ntambama uyagquma. Izinto ezifunakalayo ku STEP I: kufuneka imithi yokuhlanza igceke mawukhipha konke okungalungile ekhaya, imithi esenjenziswa ukumisa ukhamba lwamanzi amnyama, red & black candles,umese noma izinalidi black chicken/ head of a sheep, 2 white chickens, umqombothi,umkhonto, 20 litre bucket, For STEP 2: amanzi amhlophe: kufuneka imit
      hi yamanzi amhlophe, izinto zokwenza ilada, hot stuff, 20 litre bucket, 2 white chickens, ngokuthatha lesinyathelo nizobe niphumile esihogweni senhlupheko enafakwa ilungu lomndeni, amen

      Delete
  3. Gogo I would like to know ukuthi nihlangana kuphi khona ndizokwazi kangcono ngako konke ngedlozi, futhi ingabe nihlanganela in the same place every month?

    ReplyDelete
  4. Mina sengake ngambhadama umzali wami ewenza lomkhuba, ngaphatheka kabuhlungu kakhulu. Ngazama ke ukukhulumisana naye kwabe sengiyinyathele inyoka emsileni. Ngazama ukubonisana naye, kwabe sengyinyathele emsileni. nokubikela amanye amlunga omndeni akusizanga ngalutho. Umbuzo wami ke uthi "yini okumele uyenze uma ubhadama umzali egila lemikhuba.

    ReplyDelete
  5. This comment has been removed by the author.

    ReplyDelete
  6. Umkhulu uSfiso uyibeke yacaca. Inje ngoba eyichaza futhi ayitolikwa.

    ReplyDelete
  7. Baba sfiso utholakala kanjan bafo ngise Durban nami nginale nkinga yomsamo Amen

    ReplyDelete
  8. How can we get help in this situation,cause sibulewe siphila ilungu lomndeni esiwukhonzile ngenxa yokungazi and after 25 years khani kuvela ukuthi kwa phehlwa amanzi amnyama lendaba yinde ngeke ngakwazi ukuyichaza in this platform,kodwa ubuzo sincedeka kanjani kulesi simo?

    Mthimkhulu

    ReplyDelete
  9. Mina nginenkinga efanayo ngizame zonke iZinyanga akulungi lutho, emsebenzini sekucala ukungibhedela bangithwesa amacala engingawazi, ingane Sami ziyalimala zifake ama cast. Uma ngihamba ngibuza bathi umfowetho omncani ngecela uncedo

    ReplyDelete
  10. Nginenkinga efana nse nale nkinga ebangwa amanzi amnyama ebhalwe ngenhla. Kukhona othe angakwazi ukungisiza uthi kwathathwa umhlabathi wethuna lika baba ukuze ubaba asebenzele umuzi wakhe ebese thina zingane zakhe singabi yilutho nebala kwaphela umsebenzi nemali kwadliwa imizi kwakubi ngempela ngoba namanje kusekubi. Uthike lo angangisiza kodwa kuzofanele ngithathe inhlabathi yethuna lika baba ukuze amgeze abuye emahlathini avalelwe kuwo abese eba yidlozi elihle nakuthina. Ngabe iyo yini indlela yokulungisa lokhukuhlupheka umuntu abhekene nakho lokhu?

    ReplyDelete
  11. Camagu Gogo, nginenkinga apha akho muntu oze aqede ukwelapha ma ngiye khona.
    ngicabanga ukuthi indaba isemsamo. how do I do that.

    ReplyDelete
  12. Greeting to ugogo the situation you have explained is exactly what my family is going through we don't get help we have tried so many traditional healers but none of them is able to help us I really need to see you to get help you're my last hope

    ReplyDelete
  13. Saze sahlushwa emhlabeni!! Mina ekhaya kuze kwatholwa yimi ubaba nomama ababoni futhi abazi nje nokuthi kukhona izinto ezinje ngenxa yendlela abakhuliswa ngayo. Konke ebese ngikutholile empilweni kushabalele impilo ikwi full stop. Bengithi ngiyakha ngivusa ikhaya ngifundisa abafwethu ukuze silekelelane konke akuphumelelanga. Ngimusa kuNkulunkulu ngazithola izimpendulo ngathola usizo ngaqala ngazilapha ngentelezi ngaze ngayo geza emanzini ahambayo kwavuleka amaphupho kwavela umama kumama wam wacela inhlambuluko. Kwaqala kwavuleka kancane akhuluma okucacile amaphupho ngachazelwa ngamanzi amnyama ngaze ngatshengiswa igxolo elisetshenzisiwe ukuvala. Ngase ngitshengiswa ukuthi sizosebenzisa izimbuzi ezincane ezintatha mina nabafowethu ukulapha lento. Uma ngixhumana nebengimchazela ukuthi kwenzakalani umane wayihlaba esikhonkosini wachaza njengoba kunjalo ukuthi kumele kulungiswe kanjani. Ngoba y into ebesixoxa ngayo namhlanje ngyithemba ukuthi emva kokwenza kuzohamba kahle nathi sizwe injabulo yokuba kuba semhlabeni sibone impilo iphumelela singaphelezèli abantu njè. Kuwe Mvelinqangi noThongo elingavumanga ngami nabafowethu ngithi Phakama Kakhulu kunakuqala

    ReplyDelete
  14. Thanks for the post. Very interesting post. This is my first-time visit here. I found so many interesting stuff in your blog. Keep posting.. Nero Olatinum Suite Crack

    ReplyDelete
  15. it upholds duplicating to and sticking from any of these markup dialects. MathType Full Crack backings condition numbering and designing conditions, reordering HTML labels, and then some. Postman 9.2.0 Crack

    ReplyDelete
  16. I am very thankful for the effort put on by you, to help us, Thank you so much for the post it is very helpful, keep posting such type of Article.
    KC Softwares PhotoToFilm Crack
    Project IGI 3
    TeamViewer Crack

    ReplyDelete
  17. Amanzi Amnyama >>>>> Download Now

    >>>>> Download Full

    Amanzi Amnyama >>>>> Download LINK

    >>>>> Download Now

    Amanzi Amnyama >>>>> Download Full

    >>>>> Download LINK 9q

    ReplyDelete
  18. I guess I am the only one who comes here to share my very own experience guess what? I am using my laptop for almost the past 2 years.

    adina-system crack



    nch-photopad-image-editor Crack



    zemax-opticstudio Crack



    redcrab-calculator-plus Crack



    wondershare-mobiletrans Crack

    ReplyDelete

Post a Comment

Popular posts from this blog

Ukuhluka Kwamabhayi / Differentiating Amabhayi

IMIMOYA

Ubulawu and its uses